Kushone ababili beshaywa wumbani eKZN

2018-01-02 07:04

eThekwini - Kushone abantu ababili, oyedwa wabo yingane eneminyaka engu-11 ubudala ngesikhathi beshaywa wumbani eSouth Coast.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube, ukhiphe isitatimende edlulisa amazwi enduduzo emndenini waseMzumbe ngokulahlekelwa yizihlobo zabo.

Ubuye waveza ukuthi kulimale nabanye abathathu abasaxilongwa ezikhungweni zezempilo.

OLUNYE UDABA: Ubhekene ngeziqu zamehlo owasendlunkulu ngenxa yenkosi 'ebudlonyayo'

"Ukushona kukaNelisiwe Mbhele, 21, noNonhlanhla Mbhele, 11, kusenze sawuvala kabi unyaka siyisifundazwe. Izakhamuzi zethu zihleli lubhojozi ngenxa yesimo sezulu esingesihle. Sikhiphe ithimba elizohlanganyela nalo mndeni ngalesi sikhathi sobunzima,"kusho uDube-Ncube.

Uthi umnyango wakhe ukhiphe nelinye ithimba lezenhlekelele elizohlola umonakalo odalekile ngenza yezulu ebelingelihle lihambisana nomoya onamandla, kubika i-The Mercury.

Lo Ngqongqoshe ubuye wanxusa imiphakathi ukuba isebenze ngokubambisana futhi ibambisane nohulumeni ukuze kusetshenzwe ngokukhulu ukushesha uma kuhlasela izimo ezifana nalezi

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.