Baboshiwe abahlasela abagibeli ngoba befuna ukuwotawotana esitimeleni

2018-04-24 14:02

Berlin - Kusuke isidumo esitimeleni eBerlin ngempelasonto ngesikhathi omunye wabagibeli ephawula ngezithandani ebeziwotawotana phambi kwabanye abagibeli, kwaphoqa ukuba kungenelele amaphoyisa.

Amaphoyisa aseBerlin ngoMsombuluko abike ukuthi owesifazane, 36, nguye oqale wawotawota owesilisa, 38, ngezithuba zabo-11:30.

Ngesikhathi omunye wabagibeli, 18, ebatshela ukuthi abayeke abakwenzayo, lo wesifazane uvele wamuhlasela yena nomngani wakhe oneminyaka engu-19 ubudala. Ngesikhathi kwenzeka lokhu uphathina walo wesifazane akazange azibeke phansi njengoba naye esukume wahlasela lezi zingane.

OLUNYE UDABA:Ubizelwe amaphoyisa obanjwe enuka amaphenti angcolile

Le mpi yavele yankulu ngesikhathi sekungena kuyo omunye umgibeli, kwaze kwasiza omunye wabagibeli owapopola ingozi washaya insimbi isitimela sesiyongena edolobheni i-Ostbahnhof.

Lezi zithandani zabe sezisebenzisa ithuba lokubaleka endaweni yesigameko, kodwa lo wesifazane waboshwa ngemuva kwesikhashana, uphathina wakhe wazinikela emaphoyiseni.

Laba bobabili kuhlelwa ukuba bahlolwe izinga lotshwala egazini.

Abashushisi bafuna laba bathweswe amacala okuhlasela nokungaziphathi kahle.

Izisulu zathola imihuzukwana kulesi sehlakalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.