Baboshiwe abasolwa ngokugebenga abagibeli etekisini

2017-08-30 15:59

Mpumalanga - Abasolwa ababili abaneminyaka engu-19 no-20 ubudala baboshwe ngeSonto betholakala nempahla eyebiwe, kubika iRidge Times.

Abasolwa batholakale nomakhalekhukhwini ongenayo i-battery, amabhuzu okusebenza kanye nama-tracksuit kodwa abakwazanga ukuchazela amaphoyisa ukuthi bakuthathephi.

Ngokombiko ovelayo, laba basolwa bavimbezele abagibeli etekisini babakhomba ngesibhamu. Kuthiwa abasolwa bebembethe izingubo zokulala zabeSuthu emahlombe.

OLUNYE UDABA:Umama udlwengulwe amahora amane etekisini, phambi kwendodana yakhe

Bayalele abagibeli ukuthi bakhiphe konke abebekuphethe, abanye babakhuthuza. Bayalele owesimame, 32, ukuba ame eduze komjondolo ngaphandle kwetekisi bngesikhathi besakhuthuza abantu.

Lo wesimame obone upotsho ngesikhathi laba basolwa besematasa etekisini, wabaleka. Uyena ohlabe umkhosi emaphoyiseni eyowabikela ngokwenzekile.

Uyedwa umgibeli olimalile kulesi sigameko, waphuthunyiswa esibhedlela.

Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Evander kungekudala.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.