Kempton Park - Abasolwa
abaneminyaka ephakathi kuka-45 no-46 ubudala babanjelwe ukweba amabhokisi
ezimpahla zasendlini.
Lawa madoda kagesi
ye-Sunbeam eRhodesfield e-East Rand.
Laba babanjwe
amaphoyisa aseKempton Park betholakala namabhokisi ale mpahla kodwa
bengabuphethe ubufakazi bokuthi bazithengile.
OLUNYE UDABA:Zicishe zaduna imoto yeSilo izigebengu eShowe
Ngokusho kukaKaputeni
Jethro Mtshali, uthi bebehlola imoto ngesikhathi bezithela phezu
kwamabhokisi amaketela, amafeni, ama-DVD Player kanye nama-PlayStation.
“Ngesikhathi sibabuza ubufakazi bokuthi lezinto bazithengile
ngempela, abakwazanga ukubukhipha,”kusho uMtshali.