Baboshiwe omashonisa abaphoqe owesimame ukuba ageze phambi kwabo

2017-10-23 19:31

eHong Kong - Uzifake obishini owesimame oboleke imali kumashonisa ngoba efuna ukuyogembula.

Leyo mali isimenze wangena kwenkulu inkinga nomashonisa omubolekel imali.

Ngokubika kwephephandaba iCoconuts Hongkong, lo wesimame oneminyaka engu-25 ubudala usuke ekhaya kubo eHong Kong eyovakasha endaweni yaseMacau.

Idolobha laseMacau lidume kakhulu ngobukhazikhazi nezindawo zokugembula.

Lo wesimame waqala ngokuboleka imali elinganiselwa ku-HK$37 000 (ilinganiselwa ku-R64 200) kowesilisa ongu-Lai Man-hon, 30, kanye naku-Chan Tsz-ming,28.

Ngeshwa ilakubo belimfulathele wagcina eseboleka enye imali engango-HK$60 000 (R104 000), kuwo lawamadoda ethi uzoyikhokha ngezinsuku ezingu-20.

OLUNYE UDABA:Uzibulele owaseThekwini obexakwe yizikweletu

Ngosuku olulandelayo, wazama ukuthatha isikebhe esibuyela ekhaya kubo eHong Kong, kodwa wathola lawa madoda emlinde emtateni.

Lawa madoda amthatha ahamba naye eya ehhotela. Befika, bamphoqa ukuba akhumulu ageze bebe bemthatha izithombe namavidiyo.

Bamvalela lapho amahora angu-12 ngenkani.

Ekuphumeni kwakhe, waphuthuma emaphoyiseni eyobophisa laba bobabili.

NgoMsombuluko inkantolo igwebe uMan-hon noTsz-ming izinyanga ezingu-28 besejele ngamacala okukhwabanisa ngoba befuna imali ngenkani kulo wesimame.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.