Babuhlungu abangani bakasomatekisi obulewe

2017-09-07 07:02

Pietermaritzburg - Babuhlungu abangani basomatekisi waseMashingeni odutshulwa washona endaweni yakwaPata ngoLwesihlanu ebusuku.

USifiso Nxele, obenamatekisi ahambela khona endaweni yakwaPata, udutshulwe ngabantu abangaziwa khona endaweni ngoLwesihlanu ebusuku.

Abangani bamufi batshele abephephandaba i-KZN Eyethu ukuthi bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala.

OLUNYE UDABA:Kubulawe usomatekisi e-KZN

Indoda ekhulume nabezindaba ithe umphakathi ubuhlungu ngokudlula emhlabeni komuntu obezithobile futhi enesihe kanti futhi ubengumuntu obejwayele ukubabusisa uma evakashele endaweni.

Kuthiwa uNxele uhlaselwe ngemuva kokuba ebeyogada umsebenzi wakhe wamatekisi.

Ngokusho kukaSihlalo wenhlangano yamatekisi yakwaPata, uMlethwa Mnyando, uthe usoseshini ulimele kakhulu ngokwehlele uNxele. 

UMnyando uthe imboni ishaqekile ngokwenzekile njengoba kungakaze kwenzeke ngaphambilini.

Eqhuba uMnyando, uthe uNxele uhlaselwe kulandela umhlangano obukhona emahhovisi alo soseshini lapho okuvele khona udaba lwengxabano yabashayeli bakwaPata nabashayeli bamatekisi ase-3&J kodwa lokhu besekudlulile njengoba besebexoleleni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.