Babuye belambatha abatshuzi befuna oziphose edamini

2016-08-03 13:30

Durban - Umndeni kaFanozani Myeni bebelokhu bethe njo edamini laseQuarry Heights lapho okusolakala ukuthi uziphose khona ebalekela amadoda amathathu.

Kuthiwa uMyeni ube nengxabano nalawa madoda endaweni yokuqeda ukoma, kanti uyena ogadle kuqala ngenduku abeyiphethe ngesikhathi ingxabano iya ngokuqina.

Udadewabo ohlala eNanda uthi uzwe ngomkakhe osemakhaya kwaNongoma ukuthi akamtholi umyeni wakhe ocingweni.

“Ngiphuthume lapho aqashe khona, umasitende wangitshela ukuthi akakaze amubone kusukela ngoMgqibelo kanti ubelokhu ezwa amahlebezi wokuthi uziphosele kuleli damu kulandela ingwabano namadoda amathathu,”kusho uZandile Myeni ongudadewabo.

Funda nalolu daba:Izibulele ebisaba ukubuyela ekhaya ngemuva kokuvakashela isoka

Omunye walaba balisa abebemjaha uthe wezwa sekukhala amanzi wabona ukuthi uziphose khona. Uthe umlinde imizuzu engaphazu kwengu-15 ecabanga ukuthi uzophuma kwaze kwafika amaphoyisa.

“Amaphoyisa afike asixosha amemeza igama lakhe ukuthi aphume kodwa lutho ukuphuma.”

Nabatshuzi abecinga umzimba wakhe kuleli damu ngoMsombuluko babuye belambatha, kubika iSOLEZWE.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.