Babuyela enkantolo 'ababulala umfana oweba ama-sunflower'

2017-08-07 07:00

Coligny – Abesilisa ababili abasolwa ngokubulala umfana oneminyaka engu-16 ubudala eColigny, eNorth West, kulindeleke babuyele ekantolo ngoMsombuluko.

Icala ngokwedlule lahlehliselwa u-Agasti 7 ukuze uMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi ezothatha isinqumo mayelana nokuthi kumele bashushiswe yini abasolwa, noma kumele icala lidluliselwe enkantolo enkulu noma yesifunda.

UPieter Doorewaard, 26, noPhilip Schutte, 34, kuthiwa babamba uMatlhomola Moshoeu entshontsha ama-sunflower ngo-Ephreli 20.

Bathi babemhambisa esiteshini samaphoyisa esiseduzane ngesikhathi yena egxumela ngaphandle iveni ihamba, waphuka umqala.

OLUNYE UDABA: Uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza owesithuthuthu

Owazibonela uthi umufi wadudulwa.

Ezinye izakhamuzi zithi wabulawa ngoba emnyama, nokuyizinsolo ezaqubula imibhikisho endaweni.

UDoorewaard noSchutte badedelwa ngebheyili ka-R5 000 umuntu emunye. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.