Babuyela enkantolo abasolwa ngokubulala abesifazane ababili

2017-08-03 09:32

Pretoria – Abesilisa ababili abasolwa ngokubulala abesifazane ababili abasebancane eSoweto ngoMeyi kulindeleke babuyele eNkantolo kaMantshi ePitoli ngoLwesine.

U-Alec Magaula Mamothame, 43, noSandile Nkosi, 25, basolwa ngokuthumba, ukuphanga nangokubulala abangani, uBongeka Phungula noPopi Qwabe ngoMeyi 12. UMamothame noNkosi baboshwa ngoMeyi 21.

Abasolwa, okungabashayeli bamatekisi, bathi bamsulwa bona, futhi itekisi kaMamothame yadunwa ngabantu besilisa abathathu ababaleka nabesifazane ababephakathi.

Abasolwa badedelwa ngebheyili ngoJuni 23 ngemuva kokuba iMantshi uHerman Badenhorst ithe ukubanqabela ibheyili ngeke kwabayinto elungile ngenxa yokuthi necala alicacile kahle.

UQwabe, 24, watholakala eshonile eNaledi High School. Wayenenxeba lokudutshulwa ekhanda.

OLUNYE UDABA: Umastende usolwa ngokudlwengula ingane maqede wayipha u-R5

UKhomanda wamaphoyisa aseSoweto West uMajor-General Fred Kekana wadalula ukuthi uQwabe watholwa ngumuntu owayezidlulela ngendlela, wamhambisa eBheki Mlangeni Hospital eJabulani, nokuyilapho ashonela khona esanda kufika.

Kungakapheli namahora angu-24, kwatholakala umngani wakhe uPhungula, 28, eTladi, okuyilokishi elingumakhelwane. Yena wayedutshulwe emzimbeni. Amaphoyisa asola nokuthi wadlwengulwa.

Bobabili laba besifazane bangabaseMayville, eThekwini.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.