Babuyela enkantolo abasolwa ngokufaka umuntu ebhokisini lomngcwabo

2017-07-31 07:37

Delmas – Abesilisa ababili abasolwa ngokuphoqa uVictor Mlotshwa ukuba angene ebhokisini lomngcwabo baphinde bamsabisa ngokumthela ngophethiloli bazovela enkantolo njengoba kulindeleke kuqale ukuthethwa kwecala eNkantolo eNkulu eDelmas.

UTheo Jackson noWillem Oosthuizen badedelwa ngebheyili ka-R1 000 umuntu emunye ngoJulayi 14 yiNkantolo kaMantshi eMiddelburg, ngemuva kokufaka kabusha isicelo sebheyili.

OLUNYE UDABA: Kuthoalake usana lushonile enyuvesi

Laba basolwa babhekene necala lokuthumba, ukushaya ngenhloso yokulimaza, ukuzama ukubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Esitatimendeni esifungelwe, esafundwa enkantolo ngummeli wabo uJohan Van Wyk, abasolwa bathi selokhu baboshwa basongelwa ngokufa.

Ukuthethwa kwecala kulindeleke kuqale ngomhlaka 31 Julayi kuze kuphothulwe ngo-Agasti 10.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.