Babuyela enkantolo abasolwa ngokushaya abesifazane ekilabhini

2017-11-16 09:35

Johannesburg - Labo abasolwa ngokubandakanyeka ecaleni lalowo owayeyiSekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMduduzi Manana kulindeleke ukuba bayovela eNkantolo yeMantshi yaseRandburg namuhla (ngoLwesine) ngecala elihlobene nokushaya.

Umbiko wesigameko uzonikezwa inkantolo. Amacala abhekene noThulani Mdaka noCyril Madonsela ahlobene nokushaywa kwabantu besifazane abathathu eCubana, eFourways, ngomhlaka-6 Agasti.

UManana wesula esikhundleni sakhe sokuba yisekela likangqongqoshe ngemuva kokuvuma ukuhlasela owesifazane ekilabhini eseFourways.

OLUNYE UDABA:UManana uhlawuliswe u-R100 000 noma abhadle ejele

Isigameko okwahlaselwa kuso abantu besifazane abathathu senzeka ekilabhini iCubana, eFourways, ngempelasonto yangomhlaka-6 Agasti ekuseni ngovivi.

Ivideo etshengisa uManana nobhululu bakhe behlasela abesifazane yavusa imvunge ezinkundleni zokuxhumana.

UMadonsela, 35, noMdaka, 30, bathweswe ngamacala amabili okushaya ngenhloso yokulimaza uMandisa Duma, uThina Mopipa noNoluthando Mahlaba.

Womabili la madoda awavuma amacala ngomhlaka-6 Okthoba.

Ngomhlaka-13 Novemba kuyo le nkantolo uManana wayalelwa ukuba abhadle izinyanga ezingu-12 nejele noma akhokhe imali engu-R100 000.

 - ANA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.