Bacekele phansi isikole befuna izindlu zangasese

2017-08-25 14:02

Johannesburg - Amaphoyisa aseHlanganani ngaphandle kwaseGiyani, eLimpopo, athungatha abasolwa abacekele phansi umtapowolwazi e-Akani High School ngoLwesine ebusuku.

Amaphoyisa namanje awanaso isiqiniseko sokuthi yini eholele kulesi sigameko kodwa kungenzeka ukuba sihlobene nombhikisho oqhubekayo wabafundi abafuna izindlu zangasese esikoleni.

NgoMsombuluko, abafundi abenza uGrade 12 bekulindeleke babhale i-English kodwa bangafika esikoleni.

Kubikwa ukuthi badube ukubhala izivivinyo zaphakathi nonyaka ngenxa yokungabikho kwezindlu zangasese.

OLUNYE UDABA: Owesifazane,51, ongaboni kahle uphase uMatric

Izinto eziningi okubalwa kuzona izincwadi kanye nama-computer kucekelwe phansi.

Umonakalo ulinganiselwa ku-R100 000.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Moatshe Ngoepe uthe isimo sisashubile endaweni njengoba imigwaqo eminingi isavalwe ngamatshe nangamathayi avuthayo.

Kujutshwe amaphoyisa agcina ukuthula ukuba aqaphe isimo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.