Bacishe bashovana ngequpha abefundisi

2017-07-30 13:03

Durban - Kucishe kwaphakama imimoya kwabanye abazalwane emuva kokuba uMbhishobhi efanise abaholi bamabandla abangenazo izakhiwo zamasonto neziqashi kumbe o"Sdumo” bakaSgudi Snayisi, okwabe kuwumdlalo kamabonakude wamahlaya. 

Lokhu kwenzeke embutha-nweni wabaholi benhlangano yamabandla azimele ebizwa nge-Alliance of The Pentecostal and Charismatic Churches of South Africa, obuseLavita Hotel, eThekwini, ngoLwesihlanu. 

Bekucotshelelwana ngolwazi ngezindaba ezithinta umsebenzi kaNkulunkulu, uMbhishobhi Sifiso Mthembu kunguyena obefundisa ngokwakhiwa kwezindlu zamasonto. UMbhishobhi Mthembu ukhuthaze abaholi bamabandla ukuba baqikelele ukuthi bakha izakhiwo ezi-ngagudluki. 

OLUNYE UDABA:Kukhale iqupha enkantolo kwelakwaShembe

Uthe uyazi ukuthi kulukhuni ukutholakala kweziza ikakhulukazi ezindaweni zasemadolo-bheni. “Ziningi izingqinamba eziba khona uma kuzokwakhe-lwa uNkulunkulu indlu yakhe. Ngisho nosathane usuke azi ukuthi kuzonyakaziswa izidleke zakhe kuleyo ndawo, ngakho kubiza ukuba abaholi babeke-zele balwele ukuba bagcine benqobile. Kuningi okuye kwe-nzeke kulezi zikole nezindawo okuqashwe kuzona. 

"Kwesinye isikhathi uke ufice ngisho itshe lentaba endaweni yokukhonzela, kuqalwe phansi kulandwe amabhakede kuhla-nzwe indawo. Kwesinye isikhathi abazalwane bake bame emasangweni kuduke ukhiye wesango lokungena esikoleni,” kugcizelela 
uMbhishobhi Mthembu.

Uqhube wathi: “Ziningi iziqashi kunezindlu zikaNkulunkulu. Umhlaba ubalulekile kuNkulunkulu. Imfalakahlana yomnikelo engenayo ebandleni mayingasetshenziswa yonke ukuze kwakhelwe uNkulunkulu izindlu. Akukuhle ukuba izinceku zihambe ngezimoto eziphambili libe lingekho ikhaya likaNkulunkulu. 

"Kubuhlungu ukusebenzisa izinkulisa kuze kwephuke nezihlalo zodado. Indlu yesonto uma yakhiwe mayingabi nasikweletu.”

Ugcizelele ukuthi akufanele abantu babe ngoSdumo, baqashe kwaSis’ uMeyi, wathi kuba yihlazo uMfundisi eseshonile umngcwabo wakhe uphumele esikoleni.

Elinganisa ngoSdumo bekukhona abebehleka bethokoza kepha abanye bezwakala bevungama.

Ngesikhathi semibuzo uMfu Ennocent Doyisa wasePort Shepstone (osesithombeni) usukume wanxusa ukuba leli gama lokubizwa ngoSdumo kwabaholi abangakhi izakhiwo ligcine khona embuthanweni, lingaphumeli ngaphandle. 

“Aligcine khona lapha leli gama ngoba ngeke ngikubeke-zelele ukubizwa yizingane ngo-Sdumo ngoba ngingakabi nawo amandla okwakha indlu yeso-nto. Ukhololo lo ungabheka eceleni kuvuke indoda phansi,” kusho yena. Kucacile ukuthi kalehlanga kahle kwabanye abaholi leli gama lika"Sdumo.” 

uMbhishobhi uMthembu uvumelana naye ethi lizophelela khona engqungqutheleni ye-nhlangano.



 - ILANGA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.