Badedelwe ngebheyili abanye babafundi ababoshwa ngodlame lwasenyuvesi

2018-03-05 18:00

Durban – Abafundi abangu-13 ababoshwa embhikishweni owaphenduka udlame e-University of Zululand ngeledlule badedelwe ngebheyili, ngokusho kowe-Student Representative Council (SRC).

Iphini likamengameli we-SRC uNdumiso Ntshangase litshele iNews24 ngoMsombuluko ukuthi abanye abafundi abangu-19 basagcinwe esitokisini, njengoba amaphoyisa esaqhuba uphenyo ngalolu daba.

"Sizolwela ukuba bonke badedelwe ngebheyili, kodwa uhlelo lungathatha izinsuku eziyisikhombisa njengoba amaphoyisa esaqhuba uphenyo. Nakuba kunjalo, namhlanje isimo sizinzile enyuvesi. Silindele ukuba isimo sibuyele kwesejwayelekile ngelizayo.”

Abafundi abangu-13 bavele eNkantolo kaMantshi eMthunzini ngoLwesihlanu ntambama, badedelwe ngebheyili ka-R1 000 umuntu emunye.

OLUNYE UDABA: Ugwetshwe iminyaka engu-35 olahlwe yicala awokubulala

UNtshangase uthe esinye sezikhalazo zabo, okungukubambezeleka kwemali yokudla, sesixazululiwe ngabaphathi benyuvesi.

"Sesiyitholile imali yokudla. Sesizokhuluma nabaphathi manje ukuqinisekisa ukuthi lokhu akwenzeki futhi ngokuzayo.”

Abasebenzi basenyuvesi bayalelwe ukuba babuyele emsebenzini ngoMsombuluko.

Isaziso esifakwe kwi-website yenyuvesi ngoLwesihlanu sithi nakuba abasebenzi basesikhungweni saKwaDlangezwa beyalelwe ukuba babuyele emsebenzini ngoMsombuluko, abafundi abavunyelwe emagcekeni esikhungo.

Amaphoyisa abopha abafundi abangu-32 ngoLwesine ngemuva kokushiswa kwesakhiwo kanye nemoto yamaphoyisa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.