Badedelwe ngebheyili abaphambana nowokhetho eLimpopo

2016-08-13 08:35

Malamulele - Abasolwa abathathu baseLimpopo ababoshelwa ukubandakanyeka esigamekweni sokuhlaselwa kwamaphoyisa nelungu le-IEC kulandela ucingo olwangena esikhungweni sokuvotela badedelwe ngebheyili eNkntolo yeMantshi yaseMalamulele.

U-Akani Hobyani, 25, uNyiko Hobyani, 25, noFumani Chabalala, 25, badedelwe ngebheyili yemali enguR5 000 ngamunye ngesigameko esenzeka esikoleni iXigalo Primary ngesikhathi sokhetho ngomhlaka-3 Agasti.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuba bavele abaphambane nowokhetho eLimpopo

Ngokusho kwamaphoyisa, uChabalala waphendula ucingo ngaphakathi esikhungweni sokuvota, ilungu le-IEC lamtshela ukuthi ukuphendula izingcingo akuvumelekile.

Kwaqubuka ingxabano uChabalala kusolwa ukuthi wahsya leli lungu. Iphoyisa elalisebenza lapho langenelela nalo kusolwa ukuthi lashaywa ngabasolwa bobathathu ababe sebethatha nesibhamu salo babaleka.

Kwabizwa amanye amaphoyisa endaweni yesigameko. Abasolwa bobathathu nomama wamadoda akwaHobyani uMakombisi Hobyani, 45, odedelwe ngebheyili yemali engu-R5 000 ngesonto eledlule kulandela izinsolo zokujikijela iveni yamaphoyisa ngamatshe walimaza nothango lesikole.

Bonke abasolwa babhekene namacala okuhlasela, ukushaya ngenhloso yokulimaza, ukcekela phansi impahla, ukuphazamisa ilungu le-IEC esembenzini walo, nokuphanga.

Bonke bazophinde bavele ngomhlaka-19 Septhemba sekuyoqulwa icala.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.