Badedelwe ngebheyili 'abe-EFF abazama ukweba' kwaShoprite

2017-08-11 09:29

Pretoria – Abesilisa abathathu okukholakala ukuthi bangamalungu e-EFF nokusolwa ukuthi bazame ukweba esitolo sakwaShoprite baphinde besabisa izisebenzi, bavele kafuphi eNkantolo kaMantshi ePitoli ngoLwesine, kusho amaphoyisa.

Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-38 ubudala, bathweswe icala lokwesabisa nelokweba kanti bonke badedelwe ngebheyili ka-R500 umuntu emunye, kusho uCaptain Daniel Mavimbela esitatimendeni.

Ababuzwanga ukuthi bayalivuma noma bayaliphika yini icala, libe selihlehliselwa u-Agasti 28.

OLUNYE UDABA: Bavele enkantolo abasolwa ngokweba imfuyo

Laba basolwa kubikwa ukuthi babeyingxenye yemashi ye-EFF eyayilibhekise e-Union buildings ngoLwesibili, base beya kwaShoprite eSunnyside ngemuva kwalokho.

Kuthiwa bazithathela igilosa ngemva kwalokho benqaba ukukhokha ngesikhathi izisebenzi seziyishayile impahla.

Onogada babamisa sebezama ukuphuma. Kwabizwa amaphoyisa. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.