Badidekile abafundi abaxoshelwe ukugqoka izigqebhezana ekilasini

2018-02-20 14:03

eGoli - Amawele uTshiamo noLethabo Moeketsi bazithole besinkingeni efanayo ngesikhathi bexoshwa ngothisha emakilasini.

UTshiamo oneminyaka engu-18 ubudala uzithole esenkingeni ngemuva kokuba axoshwe ekilasini leBusiness Economics ngenxa yokugqoka isiketi sesikole esifishane kakhulu.

Lo mfundi owenza uGrade 11 esikoleni iRosina Sedibane Secondary School, eLaudium, eTshwane, uthi uthisha wakhe wamtshela ukuthi uhamba nqunu, ngakho akahambe abuye ekilasini lakhe esegqokile.

ULethabo yena uthi washiya isikole esesiGauteng ngonyaka odlule ngoba othisha bakhe babemsola ngokugqoka isiketi esifushane kakhulu.

"Bathi ngikuhlaza ngoba ngangibatshela ukuthi abafundisi izimpahla kepha bafundisa mina," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Uthisha ezinsolweni zokushaya umfundi esikoleni

Uthi yingakho athatha isinqumo sokuyofunda eNorth West kodwa nakhona impilo inzima esikoleni njengoba nakhona othisha bakhala ngokuthi ugqoka amabhulukwe amubamba kakhulu.

Udadewabo uthi sekuphele inyanga engangeni ekilasini leBusiness Economics. "Uthisha wangitshela ukuthi angobuya uma senginesiketi esifika emadolweni," kusho yena.

Uthi lo thisha akafuni ngisho ukumaka izincwadi zakhe.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng, uSteve Mabona, uthi uTshiamo bekungamele axoshwe ekilasini ngenxa yomfaniswano wesikole.

UMabona uthi bazoluphenyisisa udaba lwakhe.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.