Badonswe ngendlebe abalandeli ngeCarling Black Label Cup

2017-05-26 14:00

Durban – Kuyalwa abalandeli be-Orlando Pirates nabeKaizer Chiefs ngobumqoka bokubophela ngendlela isikimu emdlalweni obhekwe ngabomvu weCarling Black Label Champion Cup ozokuba ngoMgqibelo womhlaka-29 Julayi e-FNB Stadium, eNasrec, eGauteng.

ULucky “Phinda Mzala” Lekgwathi obengukaputeni weBucs inqoba izinkomishi ezintathu amasizini amabili elandelana, uthi kumqoka ukubheka abadlali onabo ngaphambi kokuhlela indlela ozobophela ngayo isikimu. Ngakolunye uhlangothi uSiyabonga “Doctor” Nkosi odlale amahlandla amabili kwiZimpofana, naye uthi abalandeli kumele babophele isikimu ngokubheka ubuthaka nokuqina kwabadlali babo.

ULekgwathi uthi bona badle izinkomishi eziyinqwaba besebenzisa i-4-4-2.

“Lolu hlelo belusebenza kithina ngoba besinabadlali abebeluqonda kahle futhi bengena khaxa kulona. Noma ngubani ubekwazi okumele akwenze kulolu hlelo. Uma sibhekene neChiefs besisuke sazi ukuthi iyathanda ukuqala ukudlala ibhola emuva iye phambili.

OLUNYE UDABA: I-Orlando Pirates isibheke ngabomvu isicoco se-Nedbank Cup

“I-4-4-2 ibiyenza sibe nabadlali abaningi esiswini bese siyicindezela, futhi singanqeni ukuhlasela ngoba besazi ukuthi siqinile emuva,” kusho uLekgwathi.

UNkosi uthi yena uluthanda kakhulu uhlelo lwe-4-2-3-1. Uthi lusebenza kuphela uma abadlali besemuva ezinhlangothini bekwazi ukushoshela ngamandla phambili futhi babuye ngokushesha bezovala izindawo zabo emuva, kubika ILANGA.

“Lolu hlelo luhle ngoba unabadlali abane emuva nabasheshayo ezinhlangothini phambili abenza kube lula ukuhlasela izitha.

“Luhle ngoba uba nomgadli oyedwa phambili bese kuthi odlala unombolo 10 abe wumgadli wesibili okunika amandla okuhlasela. Amakilabhu amaningi esikhathini samanje ancamela i-4-3-3.

“Okumqoka ukuhlela abadlali uhlelo abazokwazi ukuluqonda kahle ukuze bakusebenzele njengomqeqeshi,” kusho uNkosi osehlaziya unobhuntshuzwayo kwiSuperSport.

Abalandeli banikezwe izindlela ezine zokubophela isikimu okumele bazisebenzise kulo mqhudelwano, okuyi-4-4-2, i-3-5-2, i-4-3-3 ne-3-4-3.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.