Bafinyisane igazi o-Sugar Mama abathengelwe amaphenti afanayo

2017-02-15 14:02

Johannesburg - Kuphethe ngempi ukuthengelwa ko-Sugar Mama amadilozi abomvu afanayo njengoba befinyisane igazi phambi kwesigodi sonke.

U-Anele Faleni, 18, wasesigodini sakwaNkontyweni, eMthatha ujola noSugar Mama ababili esigodini ahlala kuso.

UFaleni uthe: "Angicabanganga ukuthi bazothola ukuthi ngibathengele isipho esifanayo seValentine's Day."

Ekhuluma uchazile ukuthi ubathanda bobabili.

Kodwa kushintshe isimo ngesikhathi oyedwa wabo eqhoshela omunye ngokuthi uBen 10 umnike idilozi elihle elibomvu. 

OLUNYE UDABA: Isipho se-valentine esingajkwayelekile

Ngemuva kwesikhashana kuqhume impama, kwase kubonakala abantu besimame ababili begingqika phansi, bedonsana izinwele bengenelana ngamaqupha.

UNomaJapan Ngqunge, 41, uthe akanawo amahloni ngokulwa kwabo.

"Ngiyamuthanda uFaleni. Ngimnika amagwinya engiwadayisayo mahhala futhi nasekamelweni ushaya into ecokeme. Le mpi isazoqhubeka kuze kube wukuthi uFaleni ukhetha lowo amthanda kakhulu."

UNozintombi Mthombo, 38, akakholwa ukuthi uFaleni ubathengele isipho esifanayo.

"Nginesiqiniseko sokuthi uNomaJapan uzithengele leli phenti ukzue ngizoxabana noFaleni. Uma engahlukani naye, u-okapi wami uzodansa igwara-gwara ngaphakathi esithweni sakhe sangasese," esho.

Alikho icala elivuliwe emaphoyise kodwa umholi womphakathi uJoseph Mkhondo uthe bazobiza imbizo.

UNozintombi uthe watshelwa yisangoma ukuthi agqokise imbuzi idilozi elibomvu ukuze uBen 10 wakhe ezoshiya uNomaJapan.

 - Daily Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.