Durban – ISouth African Football Players Union (Safpu) isinqumele i-SAFA ugwayi
katiki ngokuthi iqalise uphenyo mayelana nezinsolo ezithi kunomdlali
owasayiniswa inkontileka ekhonjwe ngesibhamu.
Umdlali weGolden Arrows uCliffton Miheso uthi wasayiniswa ngenkani kwathiwa
uma engafuni kukhona okusina kumjeqeza.
ISafpu isabisa ngokudlulisela lolu daba ku-Fifa uma i-SAFA ingalusukumeli
ngokushesha.
UNobhala weSafpu uThulaganyo Gaoshubelwe uthi uMiheso, owayeqashwe yi-Arrows
ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, uqinisekisile kuye ukuthi senzeka lesi
sigameko kanti usevule icala esiteshini samaphoyisa eThekwini.
OLUNYE UDABA: Umdlali uthi uyazisola ngokujoyina iChiefs
Isikhulu se-SAFA uDennis Mumble uthi abakaze bacelwe ukuba bangenelele
kulolu daba.
“Kunzima ukuthi ngingaphendula ngalesi sigameko ngoba anginalo ulwazi
olugcwele ngaso. Uma kuwukuthi ngempela kwenzeka lokhu, siyakugxeka kakhulu,”
esho.
USihlalo we-Arrows uMato Madlala umile kwelokuthi uMiheso akazange
asayiniswe inkontileka ephoqiwe.
“Akekho umdlali owasayiniswa inkontileka ngenkani, futhi angisathandi
ukukhuluma ngalolu daba,” kusho uMadlala.
Thola udaba oluphelele kuSowetan.