Bafuna ukubuyisa isithunzi sePirates ngeChiefs

2017-07-27 12:33

Durban - Bafuna ukubuyisa isithunzi se-Orlando Pirates abadlali bale kilabhu ephoxile ngesizini edlule ihluleka ukungena kwi-top 8.

IPirates izobhekana neKaizer Chiefs kwiCarling Blacke Label ngoMgqibelo ngo-15:00 eFNB Stadium, eGoli.

Kulindeleke ukuba la makilabhu asebenzise lo mdlalo ukubuyisa isithunzi sawo njengoba womabili engenzanga kahle ngesizini edlule.

OLUNYE UDABA: Kuzoqala isizini isinomqeqeshi omusha iPirates - Umbiko

UThamsanqa ‘General’Sangweni osanda kujoyina iBhakabhaka utshele ILANGA ukuthi nakuba benamasonto amabili nje beqalile ukuzilungiselela ukuqala kwesizini ezayo kodwa bazimisele ngokuwunqoba lo mdlalo ukujabulisa abalandeli.

“Lo mdlalo kithina kasiwuthathi njengowobungani. Sifuna ukubuyisa isithunzi sekilabhu kule sizini. Umphumela omuhle ungasinika ugqozi olukhulu ngaphambi kokuqala kwesizini.

"Umqeqeshi wethu (uKjell Jonevret) ubegxile kakhulu ekulweni nokuthi sidlale ibhola elihle,” kusho lo mdlali ozobe eqala ukugijima kulo mdlalo othathwa njengomkhulukazi kuleli.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.