Bafuna ukuvikela umqeqeshi weChiefs

2016-11-17 09:58

Durban - Bafuna ukuvikela umqeqeshi wabo ngokunqoba abadlali beKaizer Chiefs enomdlalo onzima neMamelodi Sundowns eyizingqwele zase-Afrika.

ISundowns izokwamukela iChiefs kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eLoftus Versfeld Stadium, eTshwane. 
IChiefs iya kulo mdlalo nje, kayinikwa lutho kwazise ihlabe ikhefu lemidlalo yeFederation of International Football Association (Fifa) ishaye udaka.

Igcine icasule abalandeli bayo ikhishelwa ekhaya yiFree State Stars ngamaphenathi kwiTelkom Knockout emdlalweni ebiwulethe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Emuva kwalo mdlalo ingxenye yabalandeli beChiefs ilibeke ngesihloko elokuthi uSteve "Mphathi" Komphela ocija iziMpofana kufanele ahambe ngoba iyamehlula.

USiphiwe "Shabba" Tshabalala odlala esiswini kwiChiefs, uthi bazokulwa ngawo wonke amandla ukuvikela uKomphela.

"Siyakuqonda ukuthi ikilabhu njengoba ingenzi kahle umunwe uqondiswa kumqeqeshi kodwa-ke nathi njengabadlali kufanele sibekwe iphutha. Kulo mdlalo sizokulwela ukuthi umqeqeshi angagxekwa. Sizozama ngawo wonke amandla ukuwunqoba.

"Siyazi ukuthi iSundowns iyizimfivilithi kodwa-ke lokho kuzosisebenzela ngoba bazokuza bezethembile bese sibehlisa. 
Kodwa ngeke ngikufihle ukuthi umdlalo uzokuba nzima. Nokho ngeke sibabukele benze umathanda sizobanika umdlalo onzima," kusho uTshabalala.

UKhama Billiat odlala esiswini kwiDowns, uthi ngeke bayithathe kancane iChiefs ngoba ibhinjelwa yizinto.

"Emdlalweni walolu hlobo akekho oba yimfivilithi ngoba sonke sisuke sifuna ukuzolwela isithunzi sethu.

Ngokwami nje kasizona izimfivilithi kwazise iChiefs yikilabhu enkulu kabi. Kodwa-ke sidlalela ekhaya kufanele siwunqobe lo mdlalo futhi sihlose ukukhuphuka manje kwi-log njengoba siphansi.

Ngizwa kuthiwa sizokube sifake inkanyezi okokuqala kulo mdlalo, uma kwenzekile ngeke sikwazi ukuphoxa sifake inkanyezi kuzofanele sinqobe noma kanjani," kusho uBilliat.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.