Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma kumele agxeke umyalelo wobuholi bukaMengameli waseMelika, uDonald Trump, ovala okwesikhashana abokufika abavela emazweni ayisikhombisa aphila ngokwenkolo yamaSulumane ukuthi bangalubhadi eMelika.
Lona ngumbono wenhlangano engekho ngaphansi kukahulumeni i-Oxfam SA njengoba ithi ibhalele uZuma imcela ukuba agxeke uTrump esidlangalaleni.
OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kuqubuke imibhikisho ngaphambi kokugcotshwa kukaTrump
Imcele nokuthi “azibophezele ekunyuseni isibalo sabokufika ohlelweni lweNingizimu Afrika lokuhlaliswa kwabokufika, okuhlanganisa nalabo abanqatshelwe indawo ephephile e-USA”.
Izinkulungwane zabantu bokufika, okubalwa nabaseNingizimu Afrika kanye nabase-Afrika, angeke besalithola ithuba lokuthi baqale kabusha izimpilo zabo eMelika.
Lo myalelo kaTrump uthinta abantu abangu-65.3 million asebesuke ezindaweni ebebehlala kuzona emhlabeni wonke, okubalwa namazwe ase-Afrika afana neSomalia, iLibya, kanye neSudan, kusho i-Oxfam.
Le nhlangano isinxuse abaholi bamazwe ukuba baphoqelele uTrump ukuba ajike lo myalelo bese bephinde benyusa nesibalo sabantu abafudukela emazweni abo.
Kuyimanje balinganiselwa ku-1 217 708 abantu bokufika abaseNingizimu Afrika.