Bagqunywe esitokisini abefundisi abasolwa ngokudlwengula amantombazane

2017-10-25 06:54

Polokwane – Abefundisi abathathu baseLimpopo babhekene namacala kulandela izinsolo zokudlwengula amantombazane asemancane ezigamekweni ezintathu ezehlukene ePhalaborwa, kusho amaphoyisa esifundazwe ngoLwesibili.

La bafundisi, abasolwa ngamacala okubalwa kuwo elokudlwengula nokunukubeza ngokocansi, bagqunywa esitokisini baze baphinde bavele enkantolo, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe.

UNgoepe uthe amadoda amabili avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseLulekani eduzane nasePhalaborwa ngoMsombuluko kanti azogqunywa esitokisini aze aphinde avele ngomhlaka-31 Okthoba eseyofaka izicelo zebheyili.

"Umfundisi, 52, uboshwe esigodini esiseduzane naselokishini iLulekani ngezinsolo zokudlwengula udadewabo omncane, 14. Lo mfundisi ubhekene necala elilodwa lokudlwengula namane okunukubeza ngokocansi," kusho uNgoepe.

Kusolwa ukuthi waqala ukudlwengula isisulu esisanda kubikela amaphoyisa ngodaba, sisaneminyaka engu-11 ubudala, kusho uNgoepe.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umfundisi ngokudayisa izingane ezingu-68

"Kusolwa ukuthi isisulu saqala ukuhlala nalo mfundisi nonkosikazi wakhe ngesikhathi sineminyaka emithathu ubudala kulandela ukushonelwa ngunina," usho njalo.

Umfundisi wesibili, 39, waseMajeje, ngaphandle kwasePhalaborwa, uvele kuyo le nkantolo ngelokudlwengula intombazane, 8.

"Kusolwa ukuthi ngomhlaka-20 Okthoba, ngezithuba zabo-09:00, isisulu sasihlezi sodwa kubo ngesikhathi umsolwa esidonsela ngemuva kwendlu lapho asinukubeza khona ngocansi," kusho uNgoepe.

UNgoepe uqhube ngokuthi umfundisi, 46, wasePhalaborwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseNamakgale ngomhlaka-26 kwephezulu eyofaka isicelo sebheyili.

Kusolakala ukuthi yena wadlwengula indodakazi yakhe angayizali eneminyaka engu-14 ubudala esigodini esiseduzane naseNamakgale. Udaba lwabikwa emaphoyiseni ngumama wentombazane.

UNgoepe, uthe uphenyo luyaqhubeka kuwo womathathu amacala.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.