Bagwazane bodwa abagada izimoto bebanga ithiphu

2017-10-31 19:30

eMangaung - Inkinga iqale ngesikhathi umshayeli wemoto enikeza unogada wezimoto imali esehamba, lokhu kubonwe ngomunye unogada obesephoqa lo ukuba bahlukaniselane ngale mali.

Lo nogada unqabile ukuba bahlukaniselane ngale mali kwase kuqubuka ingxabano, balwa. Lokhu kwenzeke ngaseShoprite eRocklands, eMangaung.

Abazibonele ngawabo bathi bebecabanga ukuthi ukuxabana kwalaba yinto encane, kodwa bamangale lo omunye unogada esebuya nequlu lamadoda bezohlasela lo othole ithiphu.

OLUNYE UDABA: Imindeni ayihlukane kokubanga imali 'yeqolo' - Sassa

Abantu babaleke bayongena esitolo sakwaShoprite sekuqhamuka iqulu lamadoda lizohlasela lo oyedwa.

La madoda ajahe lo nogada ozame ukubalekela ezitolo, bamthola bamgwaza amanxeba amane.

UMamodiehi Morena, ozibonele ngawakhe uthe: “Bengisetekisini ngesikhathi ngizwa iqulu lamadoda lizincoma ngokuthi lizoqopha umlando kule nxanxathela yezitolo.

“Ngithuke kabi sebekhipha ocelemba begijimisa lo nogada. Lo nogada ubalekele ezitolo kodwa bamjaha baze bamfica. Kuphoqeleke ukuba le nxanxathela yezitolo ivalwe cishe amahora amabili ngemuva kokuhlaselwa kwalo nogada," esho.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thandi Mbambo usiqinisekisile lesi sigameko wathi abasolwa abayisikhombisa bafike ngetekisi bezohlasela lo nogada wezimoto.

“Kuvulwe icala lokuhlasela kodwa akukaboshwa muntu okwamanje."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.