Bagwetshiwe ababamba inkunzi isitolo sakwaMcDonald

2017-08-22 19:30

Cape Town - Agwetshwe iminyaka engu-22 ejele amadoda amane azama ukubamba inkunzi ehlomile isitolo sokudlela.

La madoda agwetshwe eNkantolo yesiFunda yaseBellville ngoMsombuluko ngemuva kokuzama ukubamba inkunzi ngo-2015.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe ababambe inkunzi esitolo sakwaMcDonald

ULuthando Mjabeka, 24, uYonela Mhlanganiso, 26, u-Anathi Nombuthuma, 33, noThembinkosi Zumani, 29, balahlwe yicala lokuphanga, elokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

Babamba inkunzi isitolo sakwaMcDonald eDurbanville baboshwa khona endaweni yesigameko bephethe imali engu-R12 500.

Kwesinye isigameko, amaphoyisa aseSouthern Cape awakabophi muntu kulandela izigameko ezimbili zokudlwengula ezenzeke ePacaltsdorp naseGreat Brak River.

Amaphoyisa athungatha amadoda amabili asolwa ngokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-23 ubudala eGreen Haven, eGreat Brak River, ngeSonto.

Lo wesifazane wahlaselwa esendleleni egodukayo.

Enye intombazane eneminyaka engu-10 ubudala idlwengulwe yindoda engaziwa ngasePacaltsdorp iphuma esikoleni ngasekuqaleni kwale nyanga.


 - IOL

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.