Bagwetshiwe ababulala umfundisi becele u-lift kuyena eDundee

2018-03-21 13:51

Durban – Umfundisi weSalvation Army washona ngemuva kokuthatha amadoda amathathu ayecele i-lift kanti azomhlasela.

UVusumuzi Themba Mbhele,32, ugwetshwe iminyaka engu-20 ngelokubulala, engu-15 ngelokugebenga ngenhloso yokulimaza neminye engu-15 ngelinye icala elenzeka eDundee lokugebenga.

UNala Dlamini, 28, yena ugwetshwe iminyaka engu-13 ngelokubulala, engu-12 ngelokugebenga ngenhloso yokulimaza neminye engu-12 ngelinye icala elenzeka eDundee lokugebenga.

Umsolwa wesithathu u-Aphiwe Matiwane,20, ugwetshwe iminyaka engu-10 ngelokubulala nengu-10 ngelokugebenga ngenhloso yokulimaza.

“UMbhele uzodonsa iminyaka engu-25, uDlamini engu-20 kanti umatiwane yena uzodontsa engu-10,”kusho amaphoyisa ngesitatimende.

Ngomhlaka 15 Mashi 2015 umfundisi weZakheni Salvation Army uHamilton Zulu, 47, washiya ikhaya lakhe elibangise eNquthu ngoMsebenzi.

Endleleni wagibeza amadoda amahlanu ngaseDundeee ayecela ilift. Ngokuqhubeka kwendlela wabuye wathatha uJabulani Kheswa naye obelibangise eNquthu.

Behamba nalo mfundisi ngemoto yakhe yohlobo lwe-Avanza, uJabulani uthi bahlaselwa yilawa madoda amahlanu emotweni.

UJabulani wagwazwa amanxeba ambalwa walahlwa eduze komgwaqo kuthiwa ushonile.

Abasolwa bakhipha umfundisi esihlalweni sokushayela bahamba naye bebheke eGlencoe bamuphoqa ukuba akhiphe imali ebhange.

OLUNYE UDABA: Ugwetshwe udilikajele owadlwengula umfana eNtshangwe

Umndeni walo mfundisi waqala ukuthuka ngesikhathi uthola ukuthi akazange afike lapho ayeya khona abikela amaphoyisa ngokulahleka kwakhe.

Ngomhlaka 23 kuyo leyo nyanga, imoto yakhe yatholakala ilahlwe endaweni yaseNyanyadu.

Umzimba kaZulu wona watholakala eGlencoe ngemuva kokukhonjwa wumsolwa oyedwa.

Kwavulwa icala lokubulala kwaboshwa abasolwa abahlanu.

UJabulani owasinda kulesi sigameko uyena uwayengufakazi oqavile. Abaoslwa ababili badedelwa betholakala bengenacala kwagwetshwa laba abathathu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.