Bagwetshiwe ababulala usomatekisi ngo-2012

2017-08-01 07:01

Durban - Ligcine libalahlile icala lokubulala abasolwa ababili, uJan Dlamini, 37, noThabani Ngcobo, 30, abathi bamsulwa ecaleni abalenza ngo-2012, bagwetshwa udilikajele umuntu ngamunye.

Baphinde bagwetshwa neminyaka engu-15 ngaphezulu ngokuzama ukubulala, uNgcobo uphinde wagwetshwa neminyaka engu-7 ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Laba bobabili bagwetshwe ngomhlaka-28 Julayi 2017 eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

Ngo-2015 abanye abasolwa ababesebenzisana nabo; oSibusizo Zuma, 34, uMali Mazibuko, 41, noMxokozeli Mazibuko, 54, balivuma eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu icala lokubulala, bagwetshwa iminyaka engu-10 umuntu ngamunye. UBricks Zuma yena wagwetshwa engu-15 ngokubulala neminyaka emihlanu ngokuzama ukubulala.

NgoFebhuwari 2012, uZimele Reggie Mazibuko, 35, owayengusomatekisi odumile kwinhlangano yamatekisi iFarraday, eGauteng, wayesemzini wakhe elele nomfowabo endaweni yaseNgodini eduzane nase-Estcourt ngesikhathi ehlaselwa ngabasolwa ababehlomile, bamdubula washona kwathi umfowabo walimala.

OLUNYE UDABA: Kubulawe usomatekisi eKZN

Kwavulwa icala lokubulala nelokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa aseMangwe ukuze kuzophenywa.

Kulandela uphenyo kwaboshwa omunye umfowabo uMali Mazibuko owazivumela ngowakhe ukuthi wayikhipha kanjani imininingwane, etshela abanye abasolwa ababefuna ukubulala umufi. Umufi wabulawa kubangwa imizila eGauteng.

Ngokuhamba kwesikhathi, kwaboshwa abanye abasolwa, bonke  bathweswa icala lokubulala nokuzama ukubulala. Oyedwa wabo watholwa nesibhamu esingekho emthethweni ngesikhathi eboshwa, wabe esethweswa nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, lokhu kungokusho kwesitatimende samaphoyisa.

UKhomishana wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, wamukele isigwebo esiqinile sabasolwa.

Uthe lokhu makube yisifundo kwezinye izigebengu ezihlasela osomatekisi kulwelwa imizila kanjalo namanye amacala.

"Angeke siphumule kuze kube wukuthi ithimba lethu elisebenza ngokuzikhandla libopha omunye umsolwa osasele, uThokozani Chonco, 41, osagcwele amathafa.

"Incwadi egunyaza ukuba aboshwe isikhishiwe kanti onolwazi ngaye uyacelwa ukuba axhumane namaphoyisa  noma isiteshi samaphoyisa sendawo. Inombolo yeCrime Stop ngu-08600 10111 nayo ingasetshenziswa ukudlulisa imininingwane," esho. 



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.