Bagwetshiwe ababulali baseNanda

2017-08-29 16:03

Durban - INkantolo eNkulu yaseThekwini ilahle ngecala yagweba abasolwa ababili ngamacala ahlukene okubulala enzeka eNhlungwane nasoHlange.

Abasolwa bagixabezwe ngodilikajele neminyaka engu-30 bebhadle ejele.

NgoSepthemba 2014, amadoda amane ayesemzini oseNhlungwane ngesikhathi abasolwa bevulela ngenganono bebhekise kuwo, abulala uMduduzi Ntaka, 20, uSanele Mhlanga, 20, kwalimala amadoda amabili.

OLUNYE UDABA:Kuphume isidumbu kugwazana izelamani eNanda

Izisulu zaphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kwesigameko.

Kwavulwa amacala amabili okubulala namabili okuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa aseNanda ukuze kuzophenywa.

Kwaboshwa uSanele Cele, 23, wathweswa icala. Ugwetshwe odilikajele ababili ngokubulala neminyaka engu-20 ebhadle ejele ngokuzama ukubulala.

NgoJulayi 2015, uSibusiso Mtshali, 31, watholwa eshonile emotweni endaweni yasoHlange. Washaywa ngesando waze washona webelwa nekhamera yakhe.

Umsolwa wavela enkantolo eyoshushiswa, walahlwa yicala wabe esegwetshwa udilikajele ngokubulala neminyaka engu-10 ebhadle ejele ngokweba.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.