Bagwetshiwe abalahlwe amacala okubulala nokugebenga kwaNongoma

2017-10-25 14:00

eThekwini - INkantolo yesiFunda yaseMtubatuba igwebe amadoda amabili alahlwe yicala lokubulala kanye nokugebenga ehlomile.

USimphiwe Wele Ngema, 34, ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala kanye neminyaka engu-15 ngokugebenga ehlomile.

Omunye umsolwa uNjabulo Mukeleni Sibiya, 25, ugwetshwe iminyaka engu-15 ngobamba inkunzi ehlomile.

USibiya uthole esinye isigwebo seminyaka engu-15 ngelinye icala lokugebenga elenzeka endaweni yaseManzawayo, kwaNongoma. 

OLUNYE UDABA: Bagwetshiwe ababamba inkunzi isitolo sakwaMcDonald

Ngomhlaka-21 Mashi 2015, isidumbu sikaGoodenough Phumlani Dlodlo, 31, satholakala ehlathini elisendaweni yaseKuvukeni khona kwaNongoma.

Umufi watholakala enenxeba lokudutshulwa.

Kwavulwa icala lokubulala nelokugebenga emaphoyiseni akwaNongoma.

Ngesikhathi amaphoyisa enza uphenyo, kwaboshwa laba basolwa, kwatholakala ukuthi uSibiya uyathinteka kwelinye icala lokugebenga elenzeka eManzawayo ngo-2011.

Kulesi sigameko, kuthiwa lo mlisa wahlasela owesimame osebenza esitolo sendawo wamgebenga imali, uswidi omakhalekhukhwini nezinye izinto ngaphambi kokuba abaleke.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.