Bagwetshiwe abathengwa yisangoma esasifuna ikhanda lomuntu

2017-10-11 07:02

eThekwini - Ngemuva kweminyaka emithathu kuqulwa icala lokubulala, sebaze bagwetshwa abasolwa abebebhekene necala lokubulala uDesiree Murugan.

UThuso Thelejane, Mlungisi Ndlovu, Mbali Magwala noSibonakaliso Mbili balahlwe yicala lokubulala lo wesimame isidumbu sakhe satholwa ngabasebenzi bakamasipala enkundleni yezemidlalo eShallcross ngo-Agasti ka-2014.

UThelejane noNdlovu bagwetshwe iminyaka engu-15 umuntu ngamunye. UMagwala ugwetshwe iminyaka engu-12 kanti isangoma uMbili, sigwetshwe udilikajele.

Ngokombiko okhishwe wuphiko lwabashushisi boMbuso, uMbili oyisangoma esidumile endaweni yaseMfume, watshela uFalakhe Khumalo ukuthi athole ikhanda lomuntu wesimame oyiNdiya, iKhaladi noma uMmungu, futhi wamethembisa ukumkhokhela u-R2 million.

UKhumalo uyena oveze lokhu enkantolo ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe yize esedonsa isigwebo sakhe.

Umsolwa wesithupha uVusumuzi Gumede yena ukhululiwe njengoba kuvele ukuthi akazange abambe iqhaza kulokhu yize esetoke iminyaka emibili ejele.

OLUNYE UDABA:Ukhala ngotikoloshe ongasebenzi futhi ongenandoda

Kuthiwa uKhumalo uyena owalanda uThelejane noNdlovu wabatshela ngesicelo sale nyanga, nabo bavuma ukumlekelela. UMagwala wabajoyina ukuze bahlanganise amakhanda baqhamuke neqhinga.

Ngokweqhinga labo, babona kungcono babulale umqwayizi. UKhumalo, Thelejane noNdlovu babehlome ngemimese nocelemba ngesikhathi bezenza abantu abebefuna ukuthenga kumufi.

Bathatha le ntokazi bahamba nayo baya ezinkundleni zaseShallcross lapho uKhumalo afike alala naye ngesikhathi uNdlovu eqaphe isimo uThelejane ecashile.

Le ntokazi bayigwaza amanxeba angu-195 ngaphambi kokuba bayinqume ikhanda, kubika iRising Sun.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.