Bagwetshiwe abesifazane ababamba inkunzi abesilisa eGoli

2018-04-20 14:05

Johannesburg - Abantu besifazane ababili ababeboshelwe icala lokweba imoto bagwetshiwe eNkantolo yeMantshi yaseBenoni ngoMsombuluko wangomhlaka-16 Ephreli, kubika iBenoni City Times.

URefiloe Happiness Ramela, 26, noGontse Francina Ngwenya, 25, bagwetshwe iminyaka emine umuntu ngamunye.

Laba bobabili baboshwa ngomhlaka-27 Septhemba 2016.

URamela noNgwenya bagwetshelwa icala abalenza eCrystal Park.

OLUNYE UDABA:Ugwetshwe kanzima owadlwengulela abesifazane endlini yesonto

Okhulumela amaphoyisa aseCrystal Park, uConstable Itumeleng Maduna, uthe laba bobabili bahlangana nabanye abantu besifazane ekilabhini KwaThema, eSprings, ngomhlaka-26 Agastti 2016.

"La madoda ahamba noRamela noNgwenya aya nabo endlini yawo lapho okwaqhutshekwa khona nobumnandi," kusho uMaduna.

"Izisulu zanikwa izidakamizwa zalala, kuthe sezivuka yonke impahla yazo ngisho nemoto yayingasekho."

Isikhulu sasesiteshini samaphoyisa aseCrystal Park uLt Col Belinda Motaung ushayele ihlombe uConst Sylvia Moremedi ngomsebenzi wakhe omuhle awenze ngesikhathi ephenya leli cala.

URamela noNgwenya bazozidonsela ejele eliseNaturena izigwebo zabo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.