Bagwetshiwe onogada ababonakala kwi-video bedubula emoyeni eHillcrest

2018-04-21 08:44

INkantolo yeMantshi yasePinetown igwebe onogada abathathu abasebenzela inkampani ezimele ngemuva kokulahlwa yicala lokuqhumisa isibhamu emphakathini, eHillcrest, eThekwini, kusho amaphoyisa.

ONkosingiphile Gase, 36, Thembinkosi Gcabashe, 39, noSno Mlamuli Khoza, 38, bawavuma amacala base begwetshwa unyaka owodwa umuntu ngamunye besejele ngoLwesibili.

Lesi sigwebo silengiswe iminyka emihlanu.

"Amaphoyisa aziswa ngalezi zigameko ngemuva kokuputshuka kwama-video amabili etshengisa abantu beqhumisa izibhamu emphakathini, asabalala ezinkundleni zokuxhumana,” kusho lowo oyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Bheki Langa. 

"Abantu abanjengalaba babeka engozini izimpilo zabanye abantu njengoba lezi zinhlamvu bezingaphaphalaza zishaye abantu.”

OLUNYE UDABA: Kuboshwe onogadada ngokudubula esidlangalaleni e-KZN

Izibhamu zabo, okusolakala ukuthi bezisanda kusetshenziselwa ukudubula eMolweni, zibe sezishaqwa kanti zizoya kohlolwa ukuthi azikaze zisetshenziswe yini kwezinye izigameko zobugebengu.

ULanga usamukele isigwebo salaba bobathathu.

"Lesi sigwebo sithumela umyalezo onqala wokuthi izinkantolo ziyithathela phezulu indaba yabantu abadubula emphakathini, bebeka izimpilo zabanye abantu engozini.

“Njenge-SAPS sizokwenza konke okusemandleni ukujezisa abenzi bobubi,” esho.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.