Bagwetshwe kanzima abesifazane abadlwengula owesilisa eKZN

2017-06-08 12:30

Durban - Samukelwe ngenhlokomo isigwebo esinikwe izelamani zakwaManqele eMakhowe, eHluhluwe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, izolo ngoLwesithathu eNkantolo eNkulu yaseMtubatuba, kubika ILANGA.

UPinky, 28 noZama, 25, bakwaManqele, bagwetshwe iminyaka engu-15 bebhadla ejele ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula owesilisa – eligodliwe igama lakhe – ngoSepthemba 2016.

Laba benza leli cala bebathathu njengoba bekukhona phakathi kwabo noThabile Manqele ,22, odedelwe ngesexwayiso njengoba yena engenzanga lutho kwazise ubecelwe ngodadewabo ukuba aqophe i-video begila lo mkhuba abaqede lapho bayisabalalisa ezinkundleni zokuxhumana.

Baholela oPhathe lona wesilisa bamdlwengula waze waquleka maqede bamthela ngamanzi abandayo waphaphama, baqhubeka nokumgila umkhuba.

OLUNYE UDABA: Kujabhe abaningi uZuma engafiki kwinkomfa eThekwini

Inkantolo ibigcwele iphama izethameli, okuyilapho uJaji Don Zungu engapholisanga Maseko wababiza ebhokisini abasolwa maqede wabonga ukufika kwabo emuva kwalokho wehlisa isigwebo.

Ijaji lithe: “Icala lenu libucayi kakhulu, bekufanele nithole udilikajele. Nehlise isithunzi sowesilisa ngokushutha i-video nimdlwengula, nayitshengisa abanye. Nikwenze lokhu nihlosile ngakho nifanelwe yiminyaka engu-15 nibhadla ejele umuntu emunye.”

Kuzwakale injabulo kwabesifazane ebebengaphakathi enkantolo bethi bekufanele basithole lesi sigwebo ngoba nabesilisa abasuke benze icala elifanayo bathola yona le minyaka. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.