Bagwetshwe udilikajele ababili abalahlwe elokudlwengula - eMpangeni

2017-08-19 12:00

eMpangeni - USiyabonga Makhathini, 19, kanye noMzwakhe Luthuli, 36, balahlwe yicala lokudlwengula.

Bobabili laba bagwetshwe udilikajele ngaleli cala abalenza ngonyaka ka-2015.

Ngomhlaka 3 Meyi 2015 owesimame oneminyaka engu-43 wayelele emzini wakhe eyedwa ngesikhathi abasolwa betheleka egumbini lakhe lokulala.

Baqale bamubuza ukuthi iphi indodakazi yakhe wabatshela ukuthi ayikho. Bamthuka bamkhipha egumbini lakhe bayomdlwengula beshintshana ngaye bemkhombe ngommese.

OLUNYE UDABA:Ziyikhalele indoda eyazama ukudlwengula isangoma emgidweni

Icala lokudlwengula lavulwa esiteshini saseMthunzini kodwa ladluliselwa eMpangeni.

Abasolwa baboshwa ngosukulu olulandelayo babekwa icala lokudlwengula.

Inkantolo yesifunda eSikhaleni ibagwebe odilikajele umuntu ngamunye, kubika iZululand Observer. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.