Bagwetshwe udilikajele ababulali bakaWinnie Rust

2018-03-14 12:29

Cape Town – Amadoda amabili alahlwe yicala lokubulala umbhali wezincwadi zesiBhunu uWinnie Rust bagwetshwe udilikajele eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape NgoLwesithathu.

UNigel noJohannes Plaatjies ngoDisemba balahlwa yicala lokugebenga nokubulala uRust emzini wakhe ose-Uitsig, ngomhlaka-11 Meyi 2016.

Umyeni wakhe uDkt Manie Rust, okunguyena owathola isidumbu somkakhe ekhishini emzini wabo, uthi wayelele wavuswa wumuntu owayefuna ukungena ngesango emini ngabo-15:30 ngesikhathi ethola isidumbu somkakhe.

OLUNYE UDABA:Kuhlehliswe ukuqulwa kwecala umsolwa elaxaza ummeli wakhe

Umufi wayelimele kabi ebusweni kanti kuthiwa waklinywa waboshwa izanda nezinyawo.

Umama kaNigel wayesebenzela indodakazi kaRust kanti umufi nguye owayekhokhela izindleko zesikole zalo msolwa kusukela esafunda uGrade 7 futhi wayejwayelene kakhulu nalo mndeni.

Lala babuye bagwetshwa iminyange engu-15 ejele ngecala lokugebenga.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.