Bahlalele ovalweni abagibeli bezitimela eVaal

2016-07-11 14:31

Johannesburg - Abagibeli bahlalele ovalweni njengoba sekuqhubuke ubugebengu ezitimeleni zakwaMetrorail.

Abagibeli ababili okusolwa ukuthi bakhishwa esitimeleni sihamba bakhulume neThe Citizen. Kubikwa ukuthi izigebengu zagwaza abagibeli abaniningi bababamba nenkunzi.

OLUNYE UDABA: Bashise umfelokazi befuna imali

Kuthiwa lezi zigilamkhuba ziyaziwa eVaal. Leli qembu lezigebengu zaziwa ngokuthi yi-The Wrong Turn kanti sekuphele iminyaka zihlupha ikakhulukazi eSebokeng nase-Evaton.

Kodwa kamuva iWrong Turn isihlasela ezitimeleni ezihamba phakathi kwase-Earonside naseVereeniging. Abagibeli bakholwa wukuthi leli qembu lezigebengu zingabulala nokubulla.

Omunye wabagibeli owakhishwa isitimela sihamba usashaqekile namanje. ULebina Leboella uthe wayesendleleni eya esiteshini sesitimela eVereeniging ngeSonto ngesikhathi ebona abagibeli bebaleka ekhoshini beya kwelinye ikhoshi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter            

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.