Bahlela ukuyiduba imidlalo yePirates abalandeli

2017-02-15 14:01

Durban - Abalandeli be-Orlando Pirates sebekhiphe umyalelo kuwo wonke amagatsha wokuthi bazoyiduba yonke imidlalo yaleli qembu.

Lokhu kuzwakale nge-SMS ezungeza kuwo wonke amagatsha lapho kucetshiswa abalandeli ukuthi bangazihluphi ngokuyobukela imidlalo ezinkundleni uma kungukuthi uSihlalo waleli qembu u-Irvin Khoza akazifezekisi izimfuno zabo.

NgoMgqibelo iBucs ititinywe yiMamelodi Sundowns ngo 6-0 emdlalweni we-Absa Premiership obuseLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.

Ngenxa yentukuthelo ebangelwe yilo mphumela abalandeli beZimnyama bangene enkundleni umdlalo uqhubeka kwacekeleka phansi impahla baphinde basabisa ngokuvulela isibhaxu kubadlali.

OLUNYE UDABA:Usethathe umhlalaphansi ebholeni owayedlalela i-Orlando Pirates

IPirates izodudulana neBidvest Wits emdlalweni we-Absa Premiership enkundleni yase-Orlando Stadium ngoLwesithathu ebusuku.

Omunye wabalandeli baleli qembu uMusa Sokhulu, utshele abeSolezwe ukuthi uthole umlayezo ovela kubalandeli abaseGoli umazisa ngezinhlelo zokuduba ukuhambela lo mdlalo neminye elandelayo kuze kube izinkinga zabo ziyalungiswa.

Laba balandeli bathi: “Okwenzeke eLoftus ngoMgqibelo kuveza obala ukujula kwezinkinga ezikuPirates. Yebo, kunenkinga kubadlali kodwa inkinga enkulu isezikhulwini ezimbili.

"Ngosuku okuyosuswa ngalo uScreamer (Stanley Tshabalala) noFloyd Mbele kuPirates, konke kuyokwenzeka ngendlela.” 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.