Bakhala ngendlala abalingisi boZalo

2017-08-13 17:28

Durban - Kuvela izindaba ezithi izinto kazihambi neze kahle emdlalweni kamabonakude otshengisa ku-SABC1 phakathi nezinsuku, Uzalo.

Imithombo engaphakathi ithi izinto zimapeketwane, kusukela endleleni okusetshenzwa ngayo, amaholo nempatho. Ezinye izisebenzi zikhala ngokuthi ziyafa ngenxa yokuthi nsekube noguquko olukhulu lokwehliswa kwamaholo nezikhathi zokusebenza.

Kuthiwa uma abalingisi bethi bayokhononda ngokungeneliseki, kuvele kuthiwe mababone abeze ngayo. Leli phephandaba lithole ukuthi kusanda kuhamba abaqondisi ababili bomdlalo, elinawo amagama abo, nabo abangeneme ngendlela okusetshenzwa ngayo - abangatholakalanga ukuba baziphawulele.

OLUNYE UDABA:"Angilushiyanga Uzalo, ngaxoshwa"

Omunye wemithombo naye ongumlingisi kulo mdlalo, ongatyhandanga ukudalulwa igama uthi: "Sibaningi kasithokozile. Mina uqobo kangeneme, kuyikho nje vele ukuthi bengingabhekile kakhulu imali bengidinga ukwenyuswa izinga lami ekulingiseni njengoba sengiya komunye umdlalo omkhulu manje.

"Kawuncengwa laphaya, uma ungeneme kuthiwa goduka uye kini. Uthathwa noma yikanjani, inhlonipho kayikho, uvele uzizwe uyingane encane."

Lo mlingisi uqhube wathi selokhu efikile kulo mdlalo baningi ozakwabo aseke wakhuluma nabo bezwakalisa ukungenami.

"Mina ngivele ngibabuze ukuthi pho bahlaleleni, kabahambi ngani. Ngicabanga ukuthi banokwesaba ukuthi bazovaleleka kweminye iminyango uma bephuma kabi lapha.

"Le nto eyenzeka kuZalo ngingacishe ngiyifanise nobekwenzeka kwiGenerations, la kuvele kwaxoshwazothi khona. Nala njengoba bengasincengi nje bafuna ukushaya leso," kuqhuba yena.

Uthi abalingisi abakwazi ukuba bathenge izimoto nemizi, abaze babe ngcono yilabo abanemisebenzi eseceleni.

Omunye wabalingisi naye ongathandanga ukudalulwa igama okhulume naleli phephandaba uthi: "Inqwaba iyamkhumbula uGxabhashe (uMpumelelo Bulose) manje ngoba wayekhuluma iqiniso, okuyizinto ezenzekayo vele ngaphakathi."

 - Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA LangeSonto.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.