Bakhathazekile abazali ngabafundi abacanasayo

2017-06-15 18:01

Durban - Kusolwa ukuthamba wkesandla esikoleni okubikwa ukuthi sesiphenduke kwampunz' edl' emini ngenxa yokungalawuleki kwezingane ezigcwala ngaphandle kwamasango kuze kushaye isikhathi sokuba zibuyele emakhaya zingakaze ziwubeke umcondo emagcekeni esikole.

Umphakathi waseSantombe, eHarding, eningizimu yeKwaZulu-Natal, ukhala ngesimo othi kasisihle eCekeza High School njengoba izingane zenza umathanda.

Kuthiwa zifika emuva kwesikhathi sokungena kwesikole zivalelwe amasango, zingabe zisafunda zibuyele emakhaya.

OLUNYE UDABA:Abazali bakhathazekile ngeyokufunda ebusuku

Umzali ocele ukuba igama lakhe ligodlwe, uthi kuze kushaye izithuba zabo-09:00 abafundi begcwele umgwaqo.

Utshele ILANGA ukuthi kwayena umphathi wesikole nelinye lamasekela akhe bavame ukufika sekushaye ngisho isikhathi sokungena kwesikole, okwenza bangawuboni umonakalo owenzeka esikoleni.

Uthi okubahlukumezayo bengabazali wukuthi isikole kasinawo umlando wokukhiqiza umatikuletsheni ophasa ngamalengiso kodwa kakufundwa.

Uveze nokuthi kwabona laba abasuke bekwazile ukufika ngesikhathi esibekiwe, basuke bengenzi lutho.

"Isikole kasinawo umthetho oqinile futhi sizofa uma kuzoqhubeka kanjena. Lezi zingane zihlala ngaphandle kwesango kanti ezinye zigcwala ezitolo ngoba zisuke zivalelwe ngaphandle.

"Isikhathi sokungena kwesikole kasaziwa nhlobo kulesi sikole," kusho umzali.

USihlalo wesigungu esilawula isikole, uPhila Sikhosana, uthe akanalo ulwazi mayelana nesikhalazo sabazali esifuze lesi.

Ebuzwa ngezinsolo zokufika kwabafundi emuva kwesikhathi nokuthi kungani begcwale ngaphandle kwesikole ngesikhathi sokufunda, uthe usazokhuluma nothishanhloko ngaphambi kokuba enabe kabanzi ngalolu daba.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.