Bakhathazekile abokufika abahlala ePitoli

2017-01-31 07:54

Pretoria – Ipheshana elizungeza eMamelodi nelinomyalezo othi akungenelwe umbhikisho ngabokufika, seliqubule ukwesaba ngokuthi kungase kuphinde kubonakale udlame olubhikiswe kwabokufika.

Ipheshana, okuthiwa ngelezakhamuzi zaseMamelodi ezikhathazekile nelimema abantu ukuba bengenele umbhikisho ngoFebhuwari, lisatshalaliswa nasezinkundleni zokuxhumana.

"Kuzomele siqale sipakishe imithwalo yethu. Ngeke sazibeka engozini. Kulokhu kungenzeka bangasishiyi siphila,” kusho uMebo, odabuka ezweni iZimbabwe kodwa ohlala eMamelodi.

"Kungani besizonda kangaka? Ngabe iNingizimu Afrika iyizwe lokuqala ukuba nabantu bokufika? Sonke singabaseNingizimu Afrika. Sonke siyadingana njengabantu base-Afrika.”

OLUNYE UDABA: Sesiphelile isiteleka sabasebenzi base-Unisa

U-Oupa Mtshweni, ogama lakhe libonakala kuleli pheshana elisatshalaliswayo, uthe umbhikisho uzoba nokuthula.

"Asihlelile ukuba kubenodlame,” usho kanje ekhuluma neGroundUp. "Angiyiboni inkinga ngalokhu. Le nto ayihlangene nokuhlaselwa kwabokufika.”

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uBrigadier Mathapelo Peters uthe lolu daba belungakafiki ezindlebeni zabo kodwa bazokwenza uphenyo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.