Bakhathele yizidakwa ezizitika ngocansi esidlangalaleni KwaMashu

2017-06-20 19:31

kwaMashu - Izakhamuzi zasesigcemeni sakwa-J KwaMashu zithi impelasonto isiphenduke isiqalekiso kuzona ngenxa yesikhotha esingemuva kwemizi.

Lezi zakhamuzi zifuna ikhansela lendawo lisike utshani kanye nezihlahla kule ndawo ehamba abantu ngoba isiphenduke ikhaya elisha lezidakwa lapho zizitika khona ngocansi.

UThoko Mgobhozi, 57, ohlala eduze kwale ndawo uthi inkinga yaqala eminyakeni emibili eyedlule.

“Nganginokuzwa abantu bememeze ngaphandle komuzi ebusuku, ngathi uma ngiphuma ngiyohlola isimo ngabona abantu bezitika ngocansi,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Umfana, 11, uthenge ucansi kumqwayizi, 31

“Laba bantu abanayo inhlonipho,” kuqhubeka yena.

Uthi ngempelasonto ekuseni kuhlezi kugcwele amakhondomu asebenzile ngemuva kweminye yemikhukhu yakhe, kubika iDaily Sun.

“Sengikhathele yilezi zidakwa. Siphumula kuphela uma like lanetha izulu, le ndawo isingcolile futhi iyanuka angibazi la bantu ukuthi balwenza kanjani ucansi endaweni enjena,” kuqhubeka uMgobhozi.

Ikhansela lendawo uMuziwenhlanhla Shezi uthe: “Bakhona abantu asebaqashiwe ukuhlanzisisa le ndawo kodwa basalinde amathuluzi okusebenza.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.