Bakhathezekile abazali ngokungafakwa kwezicabha esikoleni esiseMlazi

2016-07-07 12:31

Durban - Abazali babafundi besikole esiseMlazi KwaZulu-Natal iVelabahleke High basola umnyango wezemfundo ngokungazigcini izithembiso zawo.

Lokhu kungemuva kokuba kwebiwe izicabha zamakilasi amane esikoleni ngoMashi.

Umnyango wezemfundo wathembisa ukufaka izicabha ezintsha ingakapheli inyanga kaMeyi. Lokhu kwanikeza ithemba abazali ukuthi izingane zabo angeke zize ziqhuqhwe amakhaza ngobusika. Kodwa izicabha bezingakafakwa namanje.

Omunye wabazali uthe uhlezi ekhathazekile ngendodakazi yakhe uma isiya esikoleni.

OLUNYE UDABA: Kuvulwe isikole sezobuchwepheshe elokishini laseSoweto

"Kulobu busika isicabha sakwami sihlezi sivaliwe emzini wami ngenxa yamakhaza kodwa kubuhlungu ukuthi ingane yami ihlala emakhazeni nsuku zonke esikoleni. Asazi ukuthi zizofakwa nini izicabha esikoleni," kusho lo mzali.

Omunye umzali uthe uke wazama ukuthola ukuthi kuqhubekani ngodaba lokufakwa kwezicabha kuthishanhloko kodwa watshelwa ukuthi akungasolwa umnyango.

USihlalo webhodi elingamele isikole uMandla Mgobhozi uqinisekse ukuthi azikafakwa izicabha emakilasini. Kamuva nje uthishanhloko wathi umnyango uyalubhekelela udaba.

Okhulumela umnyango wezemfundo eKZN uScelo Khuzwayo uthe umnyango uphezu kodaba.

"Kufanele silandele yonke imigomo yokulungiswa kwesikole kodwa inkampani ezozifaka izicabha isikhona, kubika iDaily Sun.

"Siyaxolisa ngokuthatha isikhathi kodwa siyathembisa ukuzifaka lezi zicabha bungakapheli ubusika."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.