Bakhethe ukuzibulala abesifazane ngokuphinga kwabayeni babo

2017-08-09 08:42

Harare - Amaphoyisa aseMashonaland East aseqinisekise izigameko zakhamuva zabantu besifazane ababili abazibulele ngenxa yokuphinga kwabayeni.

UMiriam Madyirapo, 36, waseWilshire eChivhu, ushone ngemuva kokuthola ukuthi umyeni wakhe, uHappiness Rangarirai, 43, ujola nenqwaba yabantu besimame.

Ngokusho kwamaphoyisa, uMadyirapo wabuza umyeni wakhe ngalolu daba, kwase kuqubuka ingxabano phakathi kwabo.

URangarirai wabe eseshaya unkosikazi wakhe okwathi ngemuva kwesikhashana wahamba waya engadini lapho afike aphuza khona amabhodlela amabili ashevu.

OLUNYE UDABA: Abantu bazitike ngocansi lwamahhala kungcwatshwa isigebengu

Imizamo yokumthola ngalolo suku ayiphumelelanga, isidumbu sakhe saze satholakala ngosuku olulandelayo ekuseni sidindilize phezu kwethuna lababa wakhe.

Kwabikelwa amaphoyisa esiteshini saseMasasa kwatholakala namabhodlela amabili ashevu engadini.

Amaphoyisa ayaphenya.

Khoonamanjalo esigamekweni esihlukile, amaphoyisa aseMashonaland East aqinisekise isigameko sakamuva sokushona kwa-Abigail Rupiya, 31, oshone eMahusekwa kulandela ukungaboni ngaso linye nomyeni wakhe, uMathew Sikera, ngokuphinga kwakhe.

Ngalo usuku lwengxabano, uSikera wahamba waya eHarare lapho asebenzela khona.

Ngosuku olulandelayo, uRupiya waphuza ushevu watholwa ngomakhelwane edindilize phansi, bamuphuthumisa esibhedlela iMahusekwa, kodwa ngeshwa wahlonzwa njengoshonile efika esibhedlela.

Kwabikelwa amaphoyisa aseMahusekwa ngesigameko.

Amaphoyisa ayaphenya.

 - MyZimbabwe

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.