Bakhonjwa kuSuperSport ababeqeqesha iPirates

2017-06-03 11:00

Cape Town – Abaqeqeshi ababili ababeqeqesha i-Orlando Pirates, uRuud Krol kanye noRoger De Sa bangabanye bokuqala ukuthi bayamaniswe nomsebenzi wokuqeqesha iSuperSport United ngesizini ezayo.

Umqeqeshi weSuperSport okhona njengamanje wamenyezelwa njengomqeqeshi weBafana Bafana ngenyanga edlule kanti usevele usewuqalile umsebenzi wakhe kuleli qembu lesizwe, yize noma emaningi amathuba okuthi uzobe esahleli ebhentshini uma ngabe leli qembu lasePitoli selitholana phezulu nePirates emdlalweni wamanqamu kumqhudelwano weNedbank Cup, nozodlalwa ngoMgqibelo, mhlaka-24 kuJuni.

Leli qembu liphinde libe yingxenye yamaqembu adlala emqhudelwaneni weCAF Confederation Cup, kanti kulindeleke ukuthi lenze izinhlelo zokuqasha umqeqeshi omusha ngesizini ezayo.

OLUNEY UDABA: Iqembu lePSL selidedele abadlali abane

Ngokwemibiko, uKrol uphambili ohlwini lwabaqeqeshi abagaqelwe aMatsatsantsa, nalapho noDe Sa eyingxenye yohlu.

“Roger unesipiliyoni sokuqeqesha amaqembu afana neSuperSport, usebe semdlalweni isikhathi eside futhi uyazi ukuthi kumele uqhudelane kanjani e-Africa, wazibonakalisa nePirates. Leyo yinto ikilabhu eyibhekile njengamanje,” umthombo utshele iPhakaaathi.

“Kodwa abukeka emaningi amathuba okuthi uKrol kube yindoda ezovala isikhala sikaBaxter,” lo mthombo wengeze kanjalo.

UDe Sa, nowayengumqeqeshi weBidvest Wits, iPirates kanye ne-Ajax Cape Town, wagcina ukusebenza kuMaritzburg United, kodwa washiya ngoMashi ngemuva kwezinyanga ezimbalwa eqeqesha leli qembu.

Ngakolunye uhlangothi, uKrol, nowayengumqeqeshi weqembu lesizwe eNetherlands, usechithe iminyaka emihlanu eyedlule amakilabhini amaningi amakhulu enyakatho ne-Afrika, nokubalwa kuwo i-Espérance de Tunis kanye neCS Sfaxien, kanti uphinde waqeqesha neqembu lesizwe eTunisia.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.