Balahlwe yicala abashaya bathungela iphoyisa ngomlilo

2016-07-21 10:02

Johannesburg - Alahlwe yicala amadoda amahlanu kwangu-6 akhanda iphoyisa ngamatshe ngaphambi kokulithungela ngomlilo eNkantolo eNkulu yaseNorth West ebihlezi eNkntolo yeMantshi yaseGa-Rankuwe ngoLwesithathu.

UWalter Lesego Mphahle‚ 26‚ uBaneli Somakhaula Mabena‚ 30‚ uSamuel Ndoko Khoza‚ 28‚ uJohnny Ernest Sithole ‚ 30‚ noObert Matlhomola Mathebula‚ 39‚ batholwe benecala lokuhlasela ngenhloso yokulimaza, ukucekela phansi impahla, ukuphanga nokubulala.

OLUNYE UDABA: Izingane ziziqophe zibulala inja ngesihluku

UBongani France Dube utholwe engenacala kuwo wonke amacala. Leli qembu labulala uKoos Lehlabi phambi kwethaveni iMaplankeng/Fikizane eMabopane eHamanskraal behamba ngezimoto ezimbili.

ULehlabi owayeyiphoyisa esebenzela amaphoyisa aseMabopane wayehamba nezihlobo zakhe ngezimoto ezimbili besuka eMabopane belibhekise eHamaskraal. Besahamba bahlangana nequlu labantu elalivale umgwaq, uLehlab wacela ukuba libadlulise kodwa wazitshwa.

Kwaqubuka ingxabano uLehlabi kusolwa ukuthi wadubula emoyeni wase edubula ebhekise kubantu abathathu. Wakhandwa ngamatshe yiqembu labantu ngaphambi kokuba limthungele ngomlilo, kubika iTimesLive.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.