Baliphikile icala abasolwa ngokufaka umuntu ebhokishini lomngcwabo ephila

2017-08-01 07:00

Delmas - Amadoda amabili asolwa ngokuphoqa uVictor Mlotshwa ukuba angene ebhokisini lomngcwabo emsabisa nangokumbhunyela ngophethiloli aliphikile icala.

La madoda avele eNkantolo eNkulu yaseDelmas eMpumalanga namuhla (ngoMsombuluko).

Ngonyaka odlule kwasabalala i-video etshengisa isenzo sala madoda ezinkundleni zokuxhumana, nokwavusa umsindo omkhulu abanye bethi lesi yisigameko sokucwasa ngokwebala.

OLUNYE UDABA:Babuyela enkantolo abasolwa ngokufaka umuntu ebhokisini lomngcwabo

Abasolwa - uTheo Jackson noWillem Oosthuizen - batshele inkantolo ukuthi babefuna ukufundisa uMlotshwa isifundo, babengaqondile lutho olubi.

Laba bobabili babhekene necala lokuthumba, ukushaya, ukuzama ukubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Abasolwa babethole ibheyili kaR1 000 umuntu ngamunye ekuqaleni kwenyanga.


 - eNCA




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.