Bamashele oKhozini abaculi bekhala ngendlala

2017-02-09 14:02

Durban - Bagasele ezindlini zomsakazo omkhulukazi uKhozi FM eThekwini izolo ngoLwesithathu abaculi besifazane bakamasikandi nabombhaqanga njengoba bekhala ngendlala kanti basola lo msakazo ngokuba nesandla ekulambeni kwabo, kubika iphephandaba ILANGA.

Bonke laba baculi - osekunesikhathi eside beyibambile emculweni wesintu - bahlangane nomphathi wezinhlelo kulo msakazo, uNkz Zandile Tembe, ngenhloso yokuyozwakalisa ukukhala kwabo ngengcindezelo abathi bayibona yenzeka kulo msakazo.

Kulaba baculi bekukhona uBuselaphi, oDadewethu, uZondeni Sithole weMbibizane, Amagugu ase-Afrika, iZintombi Zesimanjemanje, uZamambo, iSigqi Sesimanjemanje, uBoneni, uGlama Kamasikandi, uFive Roses neZingane Zoma.

Baveze ukuthi bebefuna ukuyothola kabanzi ngembangela yokungadlalwa komculo wabo kulo msakazo.

Bebephethe nama-CD bawashiya emsakazweni ngoba bethi kabafuni kucashwe ngokuthi kawukho umculo emtapweni wawo.

UDanisile "Five Roses" Phungula osekuneminyaka engaphezulu kwengama-25 eyibambile kule ndima, uthi okubakhalisa kakhulu wukuthi bona ngeke bahlomule ngo-90% - ukudlalwa komculo wamaciko aseNingizimu Afrika eziteshini zeSouth African Broadcast Corporation (SABC) okuwuhlelo olwamenyezelwa nguMnu Hlaudi Motsoeneng - ngisho sebeshonile ngoba umculo wabo kawudlalwa oKhozini, okusho ukuthi akukho mali abayoyithola.

Uthi selokhu eqale ukucula ngo-1987 kodwa kunesizukulwane esingamazi nokuthi usaphila emhlabeni ngenxa yokucindezeleka komculo wabo ekubeni enayo ne-albhamu yakamuva.

"UKhozi yisona siteshi sethu esithembele kusona, yingakho sisukumile uma sibona sivalelwa ngaphandle. Akusikhona ukuthi siyalwa kodwa besiyozicelela kubaphathi ukuthi mabasibonelele nathi. Okunye ebesifuna ukukwazi wukuthi kungani singanikezwa ithuba lezingxoxo emsakazweni ukuze intsha izokwazi ngathi nangomculo wethu. Sikhalile nangokuthi kumasikandi uma usushonile kawunikezwa isithunzi esikufanele ekubeni kolunye uhlobo lomculo umculi silala ngaye sivuswe ngaye. Ngisho ohlelweni lwethu imbala, sibeleselwa ngomculi obengaculi umasikandi nombhaqanga," kusho uFive Roses.

OLUNYE UDABA: Umama kaSfiso Ncwane ufuna umbiko ngokuhlolwa kwesidumbu sendodana yakhe

Laba baculi bathi bebebuza kubaphathi ukuthi kumele nabo bathukane yini ezingomeni zabo ukuze badlalwe ezinhlelweni zomculo.

ULindeleni Zindela weqembu oDadewethu, uthi babulawa yindlala nje yingoba abahleli bemicimbi kabawazi la maqembu ngenxa yokungadlalwa emsakazweni.

"Sinomculo owakhayo kakhulu kodwa siyakhala emsakazweni, kudlalwa abantu ababodwa isonto nesonto abanye babuya bephindelela benikezwa ithuba," kusho uLindeleni.

UBuselaphi yena uthi uKhozi yilona oluwumbele ogwansile.

Uthi bebeyozikhalela kubaphathi ngoba kubukeka kuphela ngomculo wesintu wabesifazane.

"Sincome kakhulu uZim-dollar ngendlela aveza ngayo abaculi abasha abangaziwa, abanikeze nethuba lokuzichaza kubantu. Sengathi kungaqhubeka kwenzeke lokho," kusho uBuselaphi.

UNkz Tembe ucele ukuba kuthintwe uMnu Kaizer Kganyago okhulumela iSABC kodwa ngeshwa ushayelwe ucingo lwakhe belungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

Nokho ushiyelwe umyalezo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.