Bamenze waphelelwa wukuzethemba uLira

2017-06-18 11:04

Durban - Intandokazi yomculi wakuleli uLira, ogama lakhe langempela nguLerato Molapo uthi ziningi izinkinga ahlangabezane nazo ngesikhathi engena kwezikaqedisizungu. Uthi lezi zinkinga zimenze waphelelwa wukuzethemba, wazibona engelutho.

Engxoxweni ekhethekile abe nayo neLANGA LangeSonto uthi ukuba yindoni yamanzi (ibala elimnyama), yizinwele zendalo ezingafakwe muthi, nomzimba omncane bekumenza abe yinhlekisa kwabanye abantu.

"Abantu bebeke bangibuze ukuthi kungani ngonde kanje, angidli ngani. Kungani ngimnyama ngale ndlela, angigcobi ngani izinto zokukhanyisa ibala. Ukuba nezinwele zesintu nakho bekwenza ngihlaselwe, bebuza ukuthi yini ngingawafaki ama-weave ngoba imali nginayo. Ngikhumbula ukuthi kuke kwaba nomkhankaso obhekiswe kimina abantu bengicabangela ukuthi yimaphi ama-weave engingawafaka angifanele. Abantu bangenze ngazizwa sengathi kukhona okungalungile ngami," kuchaza uLira.

Le ntokazi eyaziwa kakhulu ngezingoma okubalwa kuzo ethi Hamba, Ngiyazifela, Something Inside So Strong nezinye iseke yahlabana ngenqwaba yezindondo kumaSouth African Music Awards.

Elandisa leli phephandaba uthi ugcine efike esikhathini la ebona khona ukuthi kumele enze into ezothokozisa yena, anganaki kakhulu ukuthi abantu bathini ngaye.

"Ngikulwele kakhulu ukuthi ngibe yimina. Yonke into engiyiyo iwubumina nokuyinto engijabulisayo. Kangizami ukuba ngomunye umuntu ngenhloso yokujabulisa abantu," kusho yena.

Uthi into emsize ukuba akwazi ukuzamukele indlela ayiyo kube wukubheka izinto azithandayo kuye kuqala.

"Ngathi uma ngibhekene nesibuko ngqo ngabona ukuthi amehlo ami ayangichaza, makhulu, nezindebe zami ngokunjalo. Kangangokuba bekuke kube khona isikhathi la bengingayigcobi i-lipstick ezindebeni ngoba bengichazwa wubunjalo bazo. Ngingasho nje ngithi ukuzamukela ubunjalo bami kungithathe isikhathi eside kodwa kungisizile ukubheka izinto engizithandayo ngami," kuchaza uLira.

Uthi kubalulekile ukuthi uma ungowesifazane uzibungaze, ungalindeli ukubungazwa ngabanye abantu.

"Kwesinye isikhathi sizimatanisa kakhulu nobudlelwano esikubo noma mhlawumbe nebandla esikhonza kulo ugcine ungasazazi ukuthi ungubani. Kumele sizazi ukuthi singaphezu kwalokho, kuningi esingaba yikho," esho.

Ngakwezomculo uthi okwamanje usematasa nokuphusha i-album ayikhiphe ngonyaka owedlule ethi Born Free okuphinde kutshengiswe ukwenziwa kwayo ohlelweni lwakhe iDreamchaser oludlala kwi-Fox Life, ku-channel 126 kwi-DStv.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.