Bamisiwe esikoleni abafundi ababonakale kwi-video belwa

2017-08-19 09:48

Kempton Park - UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni iGauteng uPanyaza Lesufi ngoLwesihlanu uthi bazothathelwa izinyathelo abafundi abangu-12.

Laba bafundi besikole samabanga aphakeme iNorkem Park High School, esiseKempton Park, babonakale kuma-video ambalwa belwa kanti kubonakala nomunye umfundi ephethe isibhamu.

ULesufi obethula inkulumo yakhe kubafundi kanye nothisha uthe la bafundi okungamantombazane angu-10 nabafana ababili, bamisiwe esikoleni.

OLUNYE UDABA:Abafundi basayiniswa ifomu yokungakhulelwa besafunda

“Umfundi ongakwazi ukuziphatha esesikoleni noma engaphandle kumele amiswe esikoleni. Ibhodi elengamele isikole kumele liqale inqubo yokuqondiswa kwezigwegwe kwalaba bafundi.

"Lokho kusho ukuthi bazophuthelwa yithuba lokubhala izivivinyo futhi bazowuphinda lo nyaka,” kusho uLesufi.

Uqhubeke wathi isimo kulesi sikole sibi kakhulu futhi sesicele namaphoyisa ukuba angenelele kulolu daba.

“Ngicele amaphoyisa ukuba angenelele ake afike azosesha abafundi futhi abhekane nodaba lwabafundi ababili abahlasele amaphoyisa,” kuphetha yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.